Uma ufuna ukungenisa izimoto ezithengiswa okwesibili noma esezike zasetshenziswa eNingizimu Afrika, udinga imvume yesipesheli ebuya kuNgqongqoshe waboMnyango wezoHwebo neZimboni noma ama-agent akhe. Ihhovisi likaNgqongqoshe lizothatha isinqumo ngokubonelela isizwe ngezimoto ezithengwa okwesibili noma esezike zasetshenziswa ukuthi zingeniswe ngaphakathi ezweni.
Kumele ufakele ifomu elichaziwe ukwenza isicelo sezimvume zokungenisa ngaphakathi ezweni. Izimvume zokungenisa impahla ngaphakathi zidingeka kuzo zonke izimpahla ezingaphansi kolawulo lwezimpahla ezingeniswayo.
Izimvume ziyadingeka ukuqinisekisa ukuthi impahla ethengiswa okwesibili engeniswayo, ngeke yacikela phansi imboni ye-South African Customs Union . Le nkonzo ithuthukisa ukulandelwa kwenqubo kwezokuphepha kanye neqophelo.
Nikeza ngekhophi yesitifikedi esiqinisekisiwe sikaMazisi wakho.
Nikeza aboMnyango ikhophi eqinisekisiwe yesitifikedi sobhaliso yemoto.
Kungathatha izinsuku ezintathu ukubhekana nesicelo sakho.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
